Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:13
22 Referans Kwoze  

Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.


“U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,


Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu.


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.


Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni; ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.


Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.


Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.


Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.


wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,


Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.


“Amakhosi afika alwa, alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali.


Abantu baphuma, baphanga ikamu* lama-Aramu. Iseya* lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli njengezwi likaJehova.


Izintambo zakho ziyaxega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo, azinakumeneka useyili;* khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo; nezinyonga ziyakuthatha impango.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite