Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; abamzondayo babaleka phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Makavuke uNkulunkulu, izitha zakhe zihlakazeke, labo abamzondayo babaleke phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; labo abamzondayo kababaleke kuye.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:1
21 Referans Kwoze  

Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi: “Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.”


Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.


Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.


Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.


“Ngalokho: Vuka, Jehova Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula, wena nomphongolo wamandla akho; abapristi bakho, Jehova Nkulunkulu, mabembathiswe ukusindiswa, nabathembekileyo bakho mabathokoze ngokuhle.


Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.


Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni.


Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.


abaphindisele abamzondayo ebusweni babo, ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.


Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu, ugalele ngenkemba nxazonke zayo, nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni, ngihoshe inkemba emva kwazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite