Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 65:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho, ujabulisa impumalanga nentshonalanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngisho nabakhileyo ekupheleni bayazesaba izibonakaliso zakho; Wenza ukuphuma ekuseni nakusihlwa kujabule.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 65:8
22 Referans Kwoze  

Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.


Usuku ngolwakho, nobusuku ngobakho; nguwena owenza ukukhanya nelanga.


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe; lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngamabele; konke kuyajabula, kuhlabelele.


“Emihleni yakho uyalile ukusa, wazisa umthende wokusa indawo yawo


Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”


Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.


Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.


Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi, kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite