Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 63:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha abazingela umphefumulo wami ukuba bawenzakalise, bazokwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa labo abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa bayongena ezindaweni eziphansi zomhlaba.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 63:9
20 Referans Kwoze  

Ukufa makubazume, bashonele endaweni yabafileyo besezwa, ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.


Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo.


Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.


Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.


Mabajabhe, bayangaze abafuna umphefumulo wami. Mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangifisela umonakalo.


Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.


Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.


Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.


ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.”


Futhi uJehova uyakunikela u-Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”


Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.


Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula* ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite