Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 61:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakukhuleka kuwe ngisemikhawulweni yomhlaba, lapho inhliziyo yami isidangale; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 61:2
20 Referans Kwoze  

Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa.


Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.


UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,


Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni.


Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.


Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.


“Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe ungaduduzwanga, bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle, ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.*


Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela; ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu.


Umoya wami uphelile kimi; inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele phakathi kwami; ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani, nakwelamaHermoni, nasentabeni yaseMisari.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite