Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 60:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima, wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uwazisile abantu bakho izinto ezilukhuni, wasiphuzisa iwayini elimangalisayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 60:3
16 Referans Kwoze  

Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.


Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.


bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele!*


Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.


“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?


Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.


Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite