Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 60:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Awukufuni yini, Nkulunkulu, lokho esikwalile? wena, Nkulunkulu, ongaphumanga namabutho ethu na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 60:10
17 Referans Kwoze  

Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.


Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.


Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’


“UJehova wayesethi kimi: ‘Yisho kubo ukuthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba angikho phakathi kwenu, ukuze ningabulawa phambi kwezitha zenu.” ’


Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.


Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite