Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 59:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba bheka, baqapha umphefumulo wami; hhayi ngenxa yesiphambeko sami noma ngenxa yesono sami, Jehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 59:3
18 Referans Kwoze  

Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.


Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici; nengingakuphanganga ngakubuyisela.


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


Amazwi ababi aqamekela igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabophula.


Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Ngakho-ke wena ungabavumeli, ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli, angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.”


Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:


Wathi: “Inkosi yami iyixoshelani inceku yayo na? Ngokuba ngenzeni na? Ngububi buni obusesandleni sami na?


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.


Baceba okubi enhliziyweni yabo; izinsuku zonke baviva impi.


Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite