Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 59:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ziqede nya, ngolaka, uzishabalalise ziphele nya, mazazi ukuthi nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Baqede ngokuthukuthela, baqede, bangabi khona; futhi mabazi ukuthi uNkulunkulu uyabusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 59:13
21 Referans Kwoze  

bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


“ ‘Ngiyakwenza ukuba laziwe igama lami elingcwele phakathi kwabantu bami u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli.


Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.’


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.”


Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.


Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.


Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.


Wathanda ukuthuka, kweza phezu kwakhe; wayengathokozi ngesibusiso, sahlala kude naye.


Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite