Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 57:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Vuka, mphefumulo wami; vukani, lugubhu nehabhu!* Ngizakuvusa ukusa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Vuka mphefumulo wami, vukani lugubhu nehabhu! Ngizovusa intathakusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Vuka, mhlonishwa wami; vukani, lugubhu nehabhu; mina ngiyakuvuka ekuseni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 57:8
11 Referans Kwoze  

Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula, nomphefumulo wami uyethaba, nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.


“ ‘Vuka, vuka, Debora! Vuka, vuka, uhube ihubo! Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho, wena ndodana ka-Abinohama!’


Ngalokho inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Qhumukani ngokuhlabelela, nihlabelele kanyekanye, nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.


Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu.*


Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova.


Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.


ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami, ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite