Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 56:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Wena ukunakile ukuzulazula kwami, izinyembezi zami zethe egabheni lakho. Kanti azikho yini encwadini yakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ukuzulazula kwami uyakubona, uthi: Thela izinyembezi zami embizeni yakho; ayikho encwadini yakho?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 56:8
21 Referans Kwoze  

“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


“Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.


Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.


ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”


Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.


Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.


UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


izwe elingabafanele bona, behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”


Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,


Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, nezono zabo ungazesuli emehlweni akho, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite