Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:22
23 Referans Kwoze  

niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.


“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa.


Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.


Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.


Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.


Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,


ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi.


Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite