Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:21
16 Referans Kwoze  

Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.


Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo, nomlomo othophayo usebenza incithakalo.


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?” Wathi kuye: “Usho khona.”


Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.


Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela*


Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,


Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”


USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”


Futhi ngikhonze bani na? Kungabi phambi kwendodana yakhe na? Njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo, kanjalo ngiyakuba phambi kwakho.”


Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe, akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite