Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 54:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba ungikhululile ekuhluphekeni konke; neso lami libuka izitha zami, lidele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Igama lakho lingikhulule kuzo zonke izinkathazo, iso lami lizibonile izitha zami zinqotshwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngoba ungisindisile kuzo zonke izinhlupheko, leso lami libonile ukulangazela izitha zami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 54:7
14 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.


Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.


Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.


UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Uyakubuka nje ngamehlo akho, ubone ukuphindiselwa kwababi,


Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.


Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.


Futhi bheka, njengalokho ukuphila kwakho kwakukukhulu ngalolo suku emehlweni ami, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.”


ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


UDavide waphendula oRekabi noBahana umfowabo amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke,


Zinqume izitha zami ngomusa wakho, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite