Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 53:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Basesaba kakhulu lapho okwakungelakwesaba khona, ngoba uNkulunkulu wawahlakaza amathambo akhe owamisa phezu kwenu; uyabajabhisa, ngokuba uNkulunkulu udelelekile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 53:5
22 Referans Kwoze  

Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


Ngiyakubeka izidumbu zabantwana bakwa-Israyeli phambi kwezithombe zabo, ngihlakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu.


Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo, ngokuba uJehova ubalahlile.”


Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.


Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.


Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.


Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela.


Yachitha idokodo layo njengelensimu, yaqeda indawo yayo yokuhlangana. UJehova wenza ukuba kukhohlakale imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni, wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.


Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.


“Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite