Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 53:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UNkulunkulu wabuka phansi esezulwini abantwana babantu ukuze abone ukuthi ukhona yini ozwisisayo, ofuna uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 53:2
14 Referans Kwoze  

Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.


waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele, wabuka umhlaba esezulwini


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.


Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite