Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 52:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bhekani, lo nguye umuntu uNkulunkulu angamenzanga amandla akhe; kepha wethemba ebuningini benotho yakhe, waziqinisa ebubini bakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 52:7
14 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu, ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.


Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende. Wathi kubo uPilatu: “Bhekani lo muntu!”


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


Wakhothama ngasezinyaweni zakhe, wawa, walala; ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa; lapho wakhothama khona, wawela khona efile.


Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite