Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 51:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 IZiyoni lenzele okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yenzani okuhle kulo iSiyoni; yakha izingange zaseJerusalema.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 51:18
23 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe;


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


Ngenxa yalokho siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu, agcwalise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,


UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.


Nkulunkulu, hlenga u-Israyeli kuzo zonke izinkathazo zakhe.


esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,


‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’


Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


Nina eniphunyukile enkembeni hambani, ningemi; khumbulani uJehova nisekude, iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.


Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.


Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.


Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni, akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo.


Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”


Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:


UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite