Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 50:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 50:3
28 Referans Kwoze  

Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.


ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi Jesu!


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo, amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.


Nkulunkulu, ungathuli, ungalibali, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.


Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo; ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.


Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.


Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”


Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite