Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho. Uyabazonda bonke abenza okubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Iziwula aziyikuba khona phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 5:5
21 Referans Kwoze  

UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu, ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,


Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo.


Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.


“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?


Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,” nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?


Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni.


Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.


Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Indlela yababi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda olandela ukulunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite