Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba Wena unguNkulunkulu ongabuthokozeli ububi; ububi abunakuhlala kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda ububi; nobubi abuyikuhlala nawe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 5:4
16 Referans Kwoze  

UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Nokho nithi: “Simkhathaze kanjani?” Ngokusho ukuthi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo,” noma: “Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?”


Impela abalungileyo bayakubonga igama lakho; abaqotho bayakuhlala ebusweni bakho.


Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,


ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.


Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.


Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.


Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini, leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Ngiyazi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.


Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.


Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite