Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 49:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Njengezimvu babekwa ethuneni; ukufa kuzobapha; abaqotho bayakubusa phezu kwabo ekuseni; nobuhle babo buyoqedwa eHayidese bungabikho endaweni yabo yokuhlala.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 49:14
23 Referans Kwoze  

Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti.


Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?


waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.”


ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*


Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Kepha wena Jehova uyangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yami ukuthi injani kuwe; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.


Usinikezele ukudliwa njengezimvu, wasihlakaza phakathi kwabezizwe.


Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.


Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.


Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.


Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite