Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 48:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke, intaba iZiyoni isemaphethelweni enyakatho, umuzi weNkosi enkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inhle endaweni, intokozo yomhlaba wonke, intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 48:2
21 Referans Kwoze  

ESiyoni eliphelele ebuhleni uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.


noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.


Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe, bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: “Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.


Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.


Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.


“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”


Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle.


“Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,


“Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.


“Mina bengithi: “ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’, ningabuyi ekungilandeleni.


Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.


Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela*


Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.


UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!


Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite