Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 48:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 48:14
13 Referans Kwoze  

UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.


Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.


Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”


Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami; anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”


Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela,


Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba:


Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.


Wazimisela ukuba abantu bakho u-Israyeli babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite