Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 47:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu wenyuka ngokukhamuluka, uJehova ngokukhala kwecilongo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 47:5
26 Referans Kwoze  

yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo; bhekani, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.


Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu.*


Yayisivuka iNkosi njengokade elele, njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,


Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.


Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”


Akabonanga ingozi kuJakobe, akabukanga nankathazo kwa-Israyeli. UJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Ngamacilongo nangokukhala komtshingo hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uJehova.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.


Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.*


OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo.


Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.


UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.


“Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite