Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 47:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uyakwehlisela izizwe phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 47:3
14 Referans Kwoze  

Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;


UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.


oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.


Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.


UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.


UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.


“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite