Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 46:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, aphule umkhonto; inqola uyishisa ngomlilo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 46:9
13 Referans Kwoze  

Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho,


Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho, kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.


Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.


“Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe, kepha abakhubekayo babhinciswa amandla.


UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.


ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”


Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.


Ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo phakathi kwawo wonke umhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite