Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 46:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izizwe ziyaxokozela; imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; walizwakalisa izwi lakhe, umhlaba uyancibilika.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 46:6
34 Referans Kwoze  

INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;


Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.


“Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.


Wathi: “UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”


“Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo: “ ‘UJehova uyakuduma ephezulu, aliphumise izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele; uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe, amemeze njengabanyathela iwayini kubo bonke abakhileyo emhlabeni.


Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo; bhekani, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.


umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kwathi emva kwalokho kwafika abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni benabanye bamaMehuni kuJehoshafati, beyokulwa.


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Ngalokho awuyikuzesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.


Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”


Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.


Njengezinyoni ezindizayo kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.”


Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.


“Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. “Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite