Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 45:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umuhle ngaphezu kwabantwana babantu; umusa uthululiwe ezindebeni zakho; ngalokho uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 45:2
19 Referans Kwoze  

Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”


Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Othanda inhlanzeko ngenhliziyo nonomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.


Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.


ukuba ugcine amasu, nezindebe zakho zilonde ukwazi.


Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo, ayakubona izwe elelulekele kude.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite