Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 45:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Inkosi izabufisa kakhulu ubuhle bakho, ngoba iyiNkosi yakho; nimkhonze.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 45:11
25 Referans Kwoze  

Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.


Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.


Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,


Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.


Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.


Walithumela izwi kubantwana bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.


UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.


Umuhle wonke, sithandwa sami, akukho sisihla kuwe.


Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.


Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite