Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kepha nguwe osisindisile ezitheni zethu, wabathela ngehlazo abasizondayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa usikhulule ezitheni zethu nakulabo abahlazisa izitha zethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:7
19 Referans Kwoze  

Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa.


owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,


yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite