Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:3
27 Referans Kwoze  

Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.


Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.


Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.


Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.


Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.


Usihoshelani isandla sakho, isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.


Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwabo ukuba azenzele igama eliphakade;


Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.


Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.


Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?


Awuxoshanga yini, Nkulunkulu wethu, abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na?


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.


Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe ngokubapha ifa labezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite