Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wazixosha kanjani izizwe ngesandla sakho, wazitshala; Wacindezela, wabaxosha kanjani abantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:2
27 Referans Kwoze  

Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho, indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo, indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,


UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu


Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


Kwathi besabalekela u-Israyeli behla eBeti Horoni, uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu, ehla ezulwini, baze bafika e-Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.


“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


Base belandisa abantwana bakwa-Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: “Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho.


Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


ukuba axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, angenise wena, akunike izwe labo libe yifa lakho njenganamuhla.


“Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nasemalungeni akho, akutshele.


UGideyoni wathi kuyo: “O nkosi yami, uma uJehova enathi, konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: ‘UJehova akasikhuphulanga eGibithe na?’ Kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.”


Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite