Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Usihlehlisela emuva esitheni; abasizondayo bayaziphangela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Usihlehlisela emuva esitheni, abasizondayo bayaziphangela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uyasisusa esitheni, nabasizondayo baziphange bona.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:10
19 Referans Kwoze  

O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na?


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


Bonke abadlula ngendlela bayamphanga; waba yihlazo kwabakhelene naye.


Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.


“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.


Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.


Ngiyakunikela imfuyo yakho nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.


Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke, nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo ngibuthile wonke umhlaba, akwababikho oshaya phiko, novula mlomo, notshiyozayo.”


Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


Owaletha umbiko waphendula wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile, nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


“ ‘Kepha uma ningalaleli, ningayenzi yonke le miyalo,


Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu.


Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.”


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.


Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.


Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe, awumvumelanga ukuma ekulweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite