Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 43:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami; ungilahleleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba wena unguNkulunkulu wamandla ami; ungilahlelani na? ngiyakulilelani ngokucindezelwa kwesitha na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 43:2
17 Referans Kwoze  

Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?”


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.


Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu.


Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.


Kuyakuthiwa: ‘KuJehova kuphela nginokulunga namandla.’ ” Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo.


Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa.


INkosi iyakulahla kuze kube phakade na? Ayisenakuphinda ibe nomusa na?


Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa, noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo, ngokuba wena uyinqaba yami.


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite