Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 42:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele phakathi kwami; ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani, nakwelamaHermoni, nasentabeni yaseMisari.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele ngaphakathi kimi; ngizokukhumbula eJordani naseHermoni nasentabeni iMizari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele phakathi kwami; ngalokho ngiyakukhumbula ngisezweni laseJordani, naseHermoni, entabeni yaseMisari.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 42:6
14 Referans Kwoze  

Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


“Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.


ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami, ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.


Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.


UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye, bawela iJordani; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.


Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”


Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.


Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite