Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 42:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 42:4
28 Referans Kwoze  

Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.


Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.


Sasihlalisana kamnandi; sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.


“Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa.


Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo, uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.


“Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,


Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzele oDavide noSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.


Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?”


wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Yeka ukufiphala kwegolide nokuguquka kwegolide elihle! Amatshe endlu engcwele ahlakazekile ezingosini zazo zonke izitaladi.


futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: “UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’


Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.


Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleka usulu.


Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.


Abezizwe bayakusho ngani ukuthi: “Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”


Ngenxa yabafowethu nabangane bethu ngizakuthi manje: “Makube khona ukuthula kuwe.”


Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.


Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite