Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 41:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Mina uyangimisa ebuqothweni bami; uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Mina uyakungigcina ngiqotho, ungihlalise ebukhoneni bakho kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha mina uyangisekela ngobuqotho bami, ungibeke phambi kobuso bakho kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 41:12
11 Referans Kwoze  

Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.


Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.


Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.


Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.


Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni, ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.


Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.


Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite