Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 41:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ubusisiwe onakekela ohluphekayo, uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Ubusisiwe onaka ompofu; uJehova uyakumsindisa ngesikhathi sokuhlupheka.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 41:1
27 Referans Kwoze  

Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.


Odelela umakhelwane wakhe uyona, kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala.


Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.


Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.


Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.


Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.


kuphela ukuba sikhumbule abampofu, eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza.


Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.


Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.


Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”


Uninazala wathi kuye: “Ukhothozephi namuhla na? Usebenzephi? Makabusiswe lowo okunakileyo.” Wamtshela uninazala ukuthi ubesebenza kubani, wathi: “Igama lomuntu engisebenzile kuye namuhla linguBowazi.”


Kepha ngiyakukophula ngalolo suku, usho uJehova, unganikelwa esandleni sabantu obesabayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite