Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na? Sela

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 4:2
29 Referans Kwoze  

“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?


Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.


Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.


Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani.


Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,


yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize.


“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.


“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.


Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.


Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.


Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na?


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova.


Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa, kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.


Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na?


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.


UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?


OMose no-Aroni bangena-ke kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: ‘Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


ukuze kuthi njengokulotshiweyo: “Ozibongayo akazibonge eNkosini.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite