Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngempela, wonke umuntu uhamba ngomlayezo oyize; impela bahlukunyezwa ngeze; ubutha ingcebo, akazi ukuthi ngubani oyibuthelayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:6
31 Referans Kwoze  

Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.


nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula.


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


“Ize leze,” usho uMshumayeli, “konke kuyize.”


Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.


Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


igolide lenu nesiliva kugwalile, nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.


Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?


Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.


Ngiyanengwa yiwo; mangingahlali njalo; ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.


“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.


Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela*


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Khipha usizi enhliziyweni yakho, udlulise okubi emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.


Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite