Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:5
17 Referans Kwoze  

Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.


anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.


Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*


“Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba.


Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.


“Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.”


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.


Wayesethi uBarizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ukuba ngenyukele eJerusalema nenkosi na?


Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite