Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiyekeleni, ukuze ngithole amandla ngaphambi kokuba ngisuke lapha, ngingabe ngisaba khona.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:13
12 Referans Kwoze  

Koze kube nini uyeka ukungibheka na? Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.


UJakobe uyise wayesethi kubo: “Niyangaphuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.”


U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


“ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.


Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite