Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lapho usola umuntu ngobubi, ubuhle bakhe buqedwa njengenundu; isibili wonke umuntu uyize. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:11
14 Referans Kwoze  

noma nginyamalala njengokubolayo, njengengubo edliwe yizinundu.


Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza; ngubani oyakungilahla na? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”


onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.


kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho: imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqabela ukuhlanya komprofethi.


Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.


Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.


kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu.


Makayisuse induku yakhe kimi; ingebhe ngaye mayingangesabisi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite