Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, kuze kufike kuJeduthuni, ihubo likaDavide. Ngathi: “Ngiyakuqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; Ngizolinda umlomo wami ngetomu lapho omubi ephambi kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:1
21 Referans Kwoze  

Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.


Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.


Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.


Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.


Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.


ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: ‘Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula muntu – washo njalo – esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu; izindebe zethu zinathi; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?”


Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye.


Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.


Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.


Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.


bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite