Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:7
24 Referans Kwoze  

Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.


Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


Ungasho ukuthi: “Ngiyakuphindisela okubi,” yethemba kuJehova, uyakukusindisa.


Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.


Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye.


Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.


UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wathi ebusweni babakwa-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.”


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Base bethi kuye: “Siyakwenze njani kuwe, ukuze ulwandle luthule kithina,” ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho; iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.


Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.


kakhulu kangakanani, lapho uthi awumboni nokuthi, noma icala liphambi kwakhe, usamhlalela, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite