Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba; abaqalekisileyo babhubhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba ababusisiweyo nguye bayakudla ifa lomhlaba; lalabo abaqalekisiweyo nguye bazaqunywa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:22
18 Referans Kwoze  

Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.


Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Manibe ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba.


Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.


UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube phakade.


Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.


Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe.


Mina ngibonile isiwula sigxilile, kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama, inzalo yakhe iyakuzuza izwe.


Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite