Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu othembela kuye.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:8
17 Referans Kwoze  

Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami.


Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.


Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.


Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.


Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.


Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.


Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.


Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite