Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Inkohlakalo iyombulala omubi, abazonda olungileyo bayojeza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ububi buyakumbulala omubi, nabazonda olungileyo bayakuba yihlane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:21
22 Referans Kwoze  

Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.


abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.


Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.


Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo.


“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!”


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.


Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Yafa-ke inkosi, yayiswa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusekhona umuntu munye, uMikhaya, indodana kaJimila, esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi.” Wathi uJehoshafati: “Inkosi mayingasho njalo.”


“Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.


“Liyakudliwa endlini inye; ungaphumisi lutho lwenyama ngaphandle kwendlu; ningaphuli thambo lalo.


Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite