Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngubani lo othanda ukuphila, othanda izinsuku eziningi ukuba abone okuhle, na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:12
16 Referans Kwoze  

ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.


Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.


Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.


“Qoqanani, nizwe, nina madodana kaJakobe, nimlalele u-Israyeli uyihlo.


Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


Uma ungenawo, ngilalele wena; thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”


Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.


Ngalokho, bantwana, ngizweni, nilalele amazwi omlomo wami.


“Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite